Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Phakathi kwabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda, uDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kulabo kwakukhona abantu bakwaJuda: uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 1:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Noma uNowa noDaniyeli noJobe babephakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, abayikusindisa indodana noma indodakazi; kodwa bazahlenga imiphefumulo yabo ngokulunga kwabo.


Bheka, uhlakaniphe kunoDaniyeli; akukho mfihlo abangakufihlela yona;


Inkosi yasikhuluma kubo; futhi phakathi kwabo bonke akutholakalanga owayenjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya; ngakho bema phambi kwenkosi.


Khona-ke uDaniyeli waya endlini yakhe wabikela abangane bakhe uHananiya, uMishayeli no-Azariya le ndaba.


Khona-ke u-Ariyogi washesha wamyisa uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi kuyo: “Ngithole umuntu eziboshwa zakwaJuda ozotshela inkosi incazelo.


Khona-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli yini, ongomunye wabantwana bakwaJuda abadingisiwe, inkosi, ubaba, eyabahola iphuma ezweni lamaJuda na?


Lapho inkosi isizwa lawa mazwi, yathukuthela kakhulu, yabeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule; wasebenza kwaze kwashona ilanga ukumkhulula.


Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)


Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni;