UDaniyeli 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. IsiZulu 2020 Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. |
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa ukugula phakathi kwakho.
Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.
Nilinde kakhulu, bhekani, sekukuncane; ekuletheni kwenu ekhaya, ngakuphephetha; Kungani? usho uJehova Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyincithakalo, nigijime, kube yilowo nalowo endlini yakhe.
Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.
Kodwa waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.