Ogcina umkhiwane uyakudla isithelo sawo; kanjalo uyakudunyiswa olindela inkosi yakhe.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isivini sami, esingesami, siphambi kwami; wena, Solomon, uyakuba nenkulungwane, nabalinda izithelo zakhona amakhulu amabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. IsiZulu 2020 Isivini sami siphambi kwami, inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. |
Ogcina umkhiwane uyakudla isithelo sawo; kanjalo uyakudunyiswa olindela inkosi yakhe.
Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.
Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.
Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.
USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; isivini wasinika ababonisi; kwaba yilowo nalowo ngokwezithelo zawo ukuletha amashekeli ayinkulungwane esiliva.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
Futhi wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela, wabuye wavuka.
Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?