Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli ayinkulungwane esiliva; bheka, uyisigubuzelo samehlo kuwe, kubo bonke abanawe nakubo bonke abanye; ngakho wakhuzwa.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; isivini wasinika ababonisi; kwaba yilowo nalowo ngokwezithelo zawo ukuletha amashekeli ayinkulungwane esiliva. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso. IsiZulu 2020 USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso. |
Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli ayinkulungwane esiliva; bheka, uyisigubuzelo samehlo kuwe, kubo bonke abanawe nakubo bonke abanye; ngakho wakhuzwa.
Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.
Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.
Masivuke ekuseni siye ezivinini; ake sibone ukuthi umvini uyakhama yini, uma izithelo zomvini ziqhakaza, noma amapomegranati ahluma; lapho ngizakunika izithandwa zami.
Isivini sami, esingesami, siphambi kwami; wena, Solomon, uyakuba nenkulungwane, nabalinda izithelo zakhona amakhulu amabili.
Ngalolo suku yonke indawo lapho kwakukhona imivini eyinkulungwane ngezinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, iyoba ngeyekhakhasi nameva.
Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude.