Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Buya, buya, Shulamiti! buya, buya, ukuze sikubheke. Yini ozoyibona kumShulami? Iqembu lamabutho amabili, njengokungathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi. IsiZulu 2020 Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili. |
Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
UDavida wasefika eMahanayimi. U-Abisalomu wadabula iJordani, yena nawo wonke amadoda akwa-Israyeli kanye naye.
Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.
Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.
Njengoba laba bantu bewalahla amanzi aseSilowama ageleza kancane futhi bajabule ngoResini nendodana kaRemaliya;
Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.
Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
Wayesephendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo zami, kepha yena uzigezile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe.
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa.
Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.
Kambe unguNkulunkulu wabaJuda kuphela? Akasiye yini nowabezizwe? Yebo, nakwabezizwe:
Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwa lomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.
Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.
U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula;
Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.