Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;
IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abalindi ababezungeza umuzi bangifumana, bangishaya, bangilimaza; abalindi bezindonga bangemuka umgubuzelo wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abalindi bangifumana behambahamba emzini, bangishaya, bangilimaza; abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami. IsiZulu 2020 Ngatholwa ngabaqaphi ababehla benyuka emzini, bangishaya, bangilimaza, abaqaphi bezingange bangihlubula ingubo yami. |
Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;
Abalindi bangifumana bezulazula emzini; ngathi kubo: “Umbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
Ngamvulela othandiweyo wami; kepha othandiweyo wami wasuka, wahamba; umphefumulo wami waphela amandla lapho ekhuluma; Ngambiza, kodwa akangiphendulanga.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma ningithola othandekayo, nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; isivini wasinika ababonisi; kwaba yilowo nalowo ngokwezithelo zawo ukuletha amashekeli ayinkulungwane esiliva.
Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema, abangayikuthula nanini imini nobusuku; nina enimbiza uJehova, ningathuli;
Ngakho ngababulala ngabaprofethi; Ngibabulele ngamazwi omlomo wami, nezahlulelo zakho zinjengokukhanya okuphumayo.
Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.