Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 umthombo wamasimu, umthombo wamanzi aphilayo, nemifudlana evela eLebanoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siphethu sensimu, mthombo wamanzi aphilayo, sifufula saseLebanoni! IsiZulu 2020 Isiphethu sezivande, umthombo wamanzi aphilayo, ogeleza uvela eLebhanoni! |
Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.
UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.
Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.
Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.
Ngalolo suku amanzi aphilayo ayakuphuma eJerusalema; ingxenye yawo ngaselwandle lwangaphambili nengxenye yawo ngaselwandle lwasemuva; ehlobo nasebusika kuyoba njalo.
UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.
Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.