Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 17:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 17:13
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Okhokho bethu bathembela kuwe: bathemba, wena wabasindisa.


Kepha mina ngimpofu, ngidabukile; insindiso yakho, Nkulunkulu, mayingiphakamisele phezulu.


Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.


Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; ubabhubhisile bonke abaphinga kuwe.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo bajabhile, abazincoma ngezithombe; nimkhonze, onkulunkulu bonke.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Oyisihlubuki enhliziyweni uyeneliswa zindlela zakhe, nomuntu omuhle uyeneliswa nguye.


Ukubhujiswa kwabaphambukayo nezoni kuyakuba kanyekanye, nabamshiyayo uJehova baphele.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe! Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bathi: “Makadunyiswe uJehova, kepha uyakubonakala ngokujabula kwenu, bajabhe.


O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na?


Ungabi yingebhe kimi; uyithemba lami ngosuku lobubi.


Mabajabhe abangizingelayo, kepha mina mangingajabhi; mabeme bethukile, kepha mina mangingathuki; wehlisele phezu kwabo usuku olubi, ubabhubhise ngokuchitha kabili.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Awuzenzelanga lokho ngokushiya uJehova uNkulunkulu wakho lapho ekuhola endleleni na?


Bonke abawatholayo bawadla bawaqeda; izitha zabo zathi: “Asicunuki, ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.”


Isandla sami siyakuba phezu kwabaprofethi ababona okuyize namanga; Israyeli; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Ukuze ucabange, ume unamahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, uma ngibuyisana nawe ngakho konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, usho uJehova, makwazeke kini; yibani namahloni, nibe namahloni ngezindlela zenu nina ndlu ka-Israyeli.


Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.


INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.


Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.


Phendukelani enqabeni yasezintabeni, zibotshwa zethemba; namuhla ngiyamemezela ukuthi ngiyakukubuyisela kabili;


Leha ho le jwalo, le se ke la thabela hoo, ha meya e le tlasa lona; le mpe le thabe, hobane mabitso a lona a ngodilwe lehodimong.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.


UPawuli, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noweNkosi uJesu Kristu, ithemba lethu;


Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka