UNkulunkulu kaIsrayeli wathi: Idwala likaIsrayeli lakhuluma kimi, lathi: Obusa abantu uzakuba ngolungileyo, abuse ngokumesaba uNkulunkulu.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe, IsiZulu 2020 Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe. |
UNkulunkulu kaIsrayeli wathi: Idwala likaIsrayeli lakhuluma kimi, lathi: Obusa abantu uzakuba ngolungileyo, abuse ngokumesaba uNkulunkulu.
Ngiyakuzwa lokho uNkulunkulu uJehova ayakukukhuluma, ngokuba uyakukhuluma ukuthula kubantu bakhe nakwabangcwele bakhe; kodwa kababuyele ebuwula.
Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza; Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze uhambe.
Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
UJehova wabonakala kimi kwasendulo, wathi: “Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.
Esadlula lapho uJesu wabona indoda, igama layo linguMathewu, ihlezi endaweni yokuthela, wathi kuyo: “Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.
Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.
UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.