IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngikufanise, sithandwa sami, neviyo lamahhashi ezinqoleni zikaFaro. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami. IsiZulu 2020 Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi phakathi kwezinqola zempi kaFaro, sithandwa sami. |
Amahhashi uSolomoni ayenawo aphuma eGibithe nezindwangu zelineni; abathengisi benkosi bamukela ilineni ngentengo.
Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze.
Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza; Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze uhambe.
Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi.
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umuhle njengeJerusalema, wesabeka njengebutho eliphethe amabhanela.
Maye kulabo abehlela eGibhithe ukuze bathole usizo; bahlala emahhashini, bethemba izinqola, ngokuba ziziningi; nangabamahhashi, ngokuba banamandla kakhulu; kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli futhi abamfuni uJehova!