Obadiya 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yeka ukuthi ziphenyisiswa kanjani izinto zika-Esawu! zihlolisiswa njani izinto zakhe ezifihliweyo! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo! IsiZulu 2020 Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu, nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe! |
Futhi abantwana babo bayochotshozwa phambi kwamehlo abo; izindlu zabo ziyakuba yimpango, nawomkabo bahlazeke.
Ngiyakukunika ingcebo yasebumnyameni nengcebo efihliweyo ezindaweni zokucasha, ukuze wazi ukuthi mina Jehova okubiza ngegama lakho, nginguNkulunkulu ka-Israyeli.
Kepha mina ngimambulile u-Esawu, ngambule izindawo zakhe zokucasha, akanakucasha; inzalo yakhe yaphangwa, nabafowabo nomakhelwane bakhe, futhi akasekho.
Inkemba iyakuba phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwengxubevange yabantu abaphakathi kwalo; bayakuba njengabesifazane; inkemba iphezu kwengcebo yakhe; njalo bazaphangwa.
Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.