NgokukaMarku 8:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, waya ngaphesheya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya. IsiZulu 2020 Wabashiya, wangena futhi esikebheni, walibangisa ngaphesheya. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, waya ngaphesheya. |
Nxa lababantu loba umprofethi loba umpristi ekubuza esithi: Uyini umthwalo we Nkosi? khona-ke uzakuthi kubo: Imuphi umthwalo? ngiyakunishiya,” usho uJehova.
Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.
Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.
Wabubula kakhulu emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.
Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya.
Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu;
Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.