Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda naseJerusalema, uthi: “Zilibeleni insimu yenu, ningahlwanyeli emeveni.
NgokukaMarku 4:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. IsiZulu 2020 Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. Baasraak Zulu New Testament Bible Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. |
Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda naseJerusalema, uthi: “Zilibeleni insimu yenu, ningahlwanyeli emeveni.
Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.
Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna.
Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu.
Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.
Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.
Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo.