NgokukaMarku 15:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. IsiZulu 2020 Abaphristi abakhulu bamethwesa amacala amaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. |
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena.
UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe.
Kusukela lapho uPilatu wafuna ukumkhulula, kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lo, awusiye umngane kaKesari;