Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.
NgokukaMarku 12:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wathuma enye; yena bambulala, nabanye abaningi; abanye batshaya, abanye bebulala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. IsiZulu 2020 Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuye wathuma enye; yena bambulala, nabanye abaningi; abanye batshaya, abanye bebulala. |
Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!
Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.
Wabuye wathuma kubo enye inceku; yona bayijikijela ngamatshe, bayilimaza ekhanda, bayimukisa ihlazekile.
Ngakho-ke esesenendodana eyodwa ethandekayo wakhe, wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyihlonipha indodana yami.’
Kodwa ngithi kini: UEliya usefikile, basebesenza kuye konke ababekuthanda, njengokulotshiweyo ngaye.