Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi.
NgokukaMarku 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. IsiZulu 2020 UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni. Baasraak Zulu New Testament Bible Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela. |
Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi.
Bangifulathela, kabazange baphenduke; nakuba ngabafundisa ngokuvuka ekuseni ngibafundise, nokho abalalelanga ukuze bathole ukulaywa.
Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.
UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke.
Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.
Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga.
UJesu efundisa ethempelini waphendula wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyiNdodana kaDavide na?
Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo.
Kwathi sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni; abaningi abamuzwayo bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Yikuhlakanipha kuni lokhu akuphiweyo, ukuthi le misebenzi yamandla enje yenziwa ngezandla zakhe na?
Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.
Wabuye wamuka waya phesheya kweJordani, endaweni uJohane ayebhapathiza kuyo kuqala; wahlala khona.
UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.