NgokukaMarku 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 njengokulotshiweyo kubaprofethi ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi: “Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho,” – IsiZulu 2020 Kunjengalokhu kulotshiwe encwadini kamphrofethi u-Izaya, ukuthi: “Bheka, ngithuma isithunywa sami phambi kwakho, esiyakulungisa indlela yakho; Baasraak Zulu New Testament Bible njengokulotshiweyo kubaprofethi ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho. |
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.
Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi:
INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.
Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.
Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo.
Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo;
Wayesethatha abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, futhi konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakufezeka.