Wathi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? uyeza kimi ukuze ukhumbule isono sami futhi ubulale indodana yami?
Mathewu 8:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo. IsiZulu 2020 Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo. |
Wathi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? uyeza kimi ukuze ukhumbule isono sami futhi ubulale indodana yami?
U-Amasiya wathi ku-Amose: “Mboni, suka, ubalekele nawe ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona.”
Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi?
USimoni Petru ekubona, wawa phansi emadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi; ngoba ngingumuntu oyisoni, Nkosi.
Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi.
Kungani kufanele sife manje? ngoba lomlilo omkhulu uzasiqeda; uma sisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.
USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?