U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo wokushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe; wathatha umlilo ngesandla sakhe nommese; bahamba bobabili kanyekanye.
Mathewu 8:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi: Yena wathatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.” IsiZulu 2020 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wazithwala izifo zethu.” Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi: Yena wathatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu. |
U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo wokushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe; wathatha umlilo ngesandla sakhe nommese; bahamba bobabili kanyekanye.
Yebo, wathwala usizi lwethu, wathwala usizi lwethu, kepha thina sathi ishaywe, ishaywe nguNkulunkulu, icindezelwe.
Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:
Wahlala khona kwaze kwaba sekufeni kukaHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
Wafika wahlala emzini othiwa iNazaretha, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.
Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni.
Kwathi selishona ilanga, bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; wabeka izandla phezu kwabo bonke, wabaphulukisa.
Ngakho ngiyathokoza ebuthakathakeni, nasekuthukweni, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezelekeni ngenxa kaKristu, ngokuba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.