Mathewu 5:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ IsiZulu 2020 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ |
Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.
Akukho mAmoni noma umMowabi oyakungena ebandleni likaJehova; bangangeni ebandleni likaJehova kuze kube isizukulwane seshumi kuze kube phakade.
Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.
Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;
Lomyalo sinawo uvela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.