Mathewu 5:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. IsiZulu 2020 “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. Baasraak Zulu New Testament Bible Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. |
Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye.
Ungajahi ukuxabana, ukuze ungazi ukuthi uzakwenzani ekupheleni kwakho, nxa umakhelwane wakho ekuhlazile.
Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho.
Kwakukhona futhi kulowo muzi umfelokazi; weza kuye, wathi: Ngiphindisele esitheni sami.
(Ngokuba uthi: Ngakuzwa ngesikhathi esamukelekayo, nangosuku lwensindiso ngakusiza; bheka, manje yiso isikhathi esihle; bheka, manje yilo usuku lwensindiso.)
Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi.
Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.