Okungamnandi kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Noma kukhona ukunambitha kokumhlophe kweqanda na?
Mathewu 5:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. IsiZulu 2020 “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. Baasraak Zulu New Testament Bible Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. |
Okungamnandi kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Noma kukhona ukunambitha kokumhlophe kweqanda na?
Yonke iminikelo yomlilo yomnikelo wakho wokudla kumelwe uyifafaze ngosawoti; futhi akumelwe usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho untuleke emnikelweni wakho wempuphu; nazo zonke izipho zakho woletha usawoti.
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?