Izwe lobumnyama, njengobumnyama uqobo; nethunzi lokufa, kungekho simiso, nalapho ukukhanya kunjengobumnyama.
Mathewu 4:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” IsiZulu 2020 isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.” Baasraak Zulu New Testament Bible Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. |
Izwe lobumnyama, njengobumnyama uqobo; nethunzi lokufa, kungekho simiso, nalapho ukukhanya kunjengobumnyama.
Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise.
Nokho, ubumnyama abuyikuba njengokucasuka kwayo, lapho eqala ukuhlupha izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, kamuva walihlupha kakhulu endleleni yolwandle, ngaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.
Abantu abahamba ebumnyameni babone ukukhanya okukhulu; abahlala ezweni lethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.
Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama.
Mfuneni owenza izinkanyezi eziyisikhombisa ne-Oriyoni, ophendula ithunzi lokufa libe ukusa, afiphaze imini nobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.
Ungathokozi ngami, sitha sami; uma ngiwa, ngiyakuvuka; uma ngihlezi ebumnyameni, uJehova uyakuba ngukukhanya kimi.