Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Mathewu 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? IsiZulu 2020 Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na? Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo? |
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Bachamisela amaqanda, baluke ubulembu; Odla amaqanda abo uyafa, futhi ochotshozwayo uphumela ibululu.
Balekani eBabele, nisindise, kube yilowo nalowo umphefumulo wakhe; ngoba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova; uzayibuyisela kuye.
Ngizokhuluma nobani ngibaxwayise ukuze bezwe? bheka, izindlebe zabo azisokile, futhi abezwa; bheka, izwi likaJehova liyihlazo kubo; kabathokozi ngakho.
Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni.
Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubeka sebezwile leli zwi na?
Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.
Kodwa abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye.
Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
Kepha abaFarisi nezazimthetho bala icebo likaNkulunkulu eliqondene nabo, bengabhapathizwa nguye.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Abanye kubaFarisi ababe naye bezwa lokho, bathi kuye: “Kanti nathi siyizimpumputhe na?
Kodwa kwasukuma abanye behlelo labaFarisi abakholwayo, besithi: Kumele ukubasoka, lokulaywa ukugcina umlayo kaMozisi.
Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.
ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi.
Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;
Ngokuba ulaka lukaNkulunkulu luyabonakaliswa luvela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abaphatha iqiniso ngokungalungi;
nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.
Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;
Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.