UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.
Mathewu 27:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” IsiZulu 2020 Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. |
UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.
UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, elawela phezu kwabantu ababili ababelungile nabangcono kunaye, ababulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi, u-Abineri indodana kaNeri; induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.
Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
Ngakho-ke aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyangcolisa izwe; nezwe alinakuhlanjululwa egazini elichithwa kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.
Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;
Ukuze kungachithwa igazi elingenacala ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kube phezu kwakho igazi.
Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wosusa igazi elingenacala kwa-Israyeli, ukuze kukuhambele kahle.
Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.