Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Mathewu 27:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. IsiZulu 2020 Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. |
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe;
owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.