Umuntu ongalungile uyisinengiso kolungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso kwababi.
Mathewu 24:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. IsiZulu 2020 “Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. |
Umuntu ongalungile uyisinengiso kolungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso kwababi.
Abahlakaniphileyo phakathi kwezizwe bayofundisa abaningi, kodwa bayokuwa izinsuku eziningi ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa nangokuphanga.
Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;
Ngakho futhi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu yathi: Ngizabathumelela abaprofethi labaphostoli, labanye kubo bazakubabulala, babazingele;
Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.
Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.
Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho.
Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.
Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.