Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Kufana nabantwana abahlezi ezigcawini, bebiza omakhelwane babo;
Mathewu 23:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. IsiZulu 2020 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’ Baasraak Zulu New Testament Bible nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. |
Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Kufana nabantwana abahlezi ezigcawini, bebiza omakhelwane babo;
Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.
Wasephendula uJudasi owamnikelayo, wathi: Nkosi, kambe? Wathi kuye: “Wena ushilo.”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uthanda ukuba ngenzeni kuwe na? Impumputhe yathi kuye: Nkosi, ukuba ngibone.
Wasesithi kubo ekufundiseni kwakhe: Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izembatho ezinde, lokubingelelwa ezigcawini;
UPetru waphendula, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
Maye kinina baFarisi! ngoba lithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni, lokubingelelwa emidangeni.
UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi?
UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.
Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi?
UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi.
Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye.
Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?