Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 22:5
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.


UJakobe wamnika u-Esawu isinkwa nepani likadali; wadla waphuza wasukuma wahamba. Wadelela-ke u-Esawu ubuzibulo bakhe.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.


Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile isidlo sami, izinkabi zami nokukhuluphalisiweyo sekuhlatshiwe, konke sekulungisiwe;


Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.


Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela.


Abanye bamklolodela bathi: Lababantu bagcwele iwayini elitsha.


Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.


Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na?


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.


Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu;


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.