Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi nesizwe esingcwele. Lawa ngamazwi okumelwe uwakhulume kubantwana bakwa-Israyeli.
Mathewu 21:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, unikwe isizwe esithela izithelo zawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. IsiZulu 2020 “Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, unikwe isizwe esithela izithelo zawo. |
Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi nesizwe esingcwele. Lawa ngamazwi okumelwe uwakhulume kubantwana bakwa-Israyeli.
Bhekani, uJehova unomuntu onamandla nonamandla, oyakuphonsa emhlabeni ngesandla sakhe njengesiphepho sesichotho, nesiphepho esibhubhisayo, njengesikhukhula samanzi amakhulu aphuphumayo.
Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.
UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;
Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.
UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;