Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Mathewu 19:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basebesithi kuye: Pho, uMozisi walayelani ukunika incwadi yesehlukaniso, lokumala? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?” IsiZulu 2020 Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Basebesithi kuye: Pho, uMozisi walayelani ukunika incwadi yesehlukaniso, lokumala? |
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyakuzonda ukusoka; ngokuba ngengubo yakhe umuntu usibekela ubudlova,” usho uJehova Sebawoti; qaphelani umoya wenu, ukuze ningenzi ngokungathembeki.
Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese.
Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu.
Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.