Mathewu 18:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. IsiZulu 2020 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. |
Kodwa waphendula wathi: Kangithunywanga kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.
Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo?
Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.
Ngokuba le ndodana yami ibifile, isiyaphila futhi; ubelahlekile, usetholakele. Basebeqala ukujabula.
Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.
Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuyisindisa. Bahamba baya komunye umuzi.
Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.
Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.