Mathewu 17:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.” IsiZulu 2020 Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu. |
Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.
UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.
Kwathi besahlezi eGalili, uJesu wathi kubo: INdodana yomuntu izanikelwa ezandleni zabantu.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.
Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile.