Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 17:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kuthe lapho bekuzwa lokho abafundi, bathi mbo ngobuso phansi, ngokuba babethukile kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 17:6
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.


Ngasukuma ngaphuma ngaya ethafeni, bheka, inkazimulo kaJehova yayimi lapho, njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso.


Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.


Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.


Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Wasondela uJesu, wabathinta, wathi: Sukumani ningesabi.


Ngawa phansi, ngezwa izwi lithi kimi: Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?


Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi.


Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele.


Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.


UManowa wasesithi kumkakhe: Sizakufa lokufa, ngoba sibonile uNkulunkulu.