UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.
Mathewu 17:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. IsiZulu 2020 Kuthe lapho bekuzwa lokho abafundi, bathi mbo ngobuso phansi, ngokuba babethukile kakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu. |
UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.
Ngasukuma ngaphuma ngaya ethafeni, bheka, inkazimulo kaJehova yayimi lapho, njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso.
Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.
Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.
Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.
Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.
Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi.
Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.