Mathewu 14:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. IsiZulu 2020 Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. |
obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya;
Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe.
Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iza nini, noma kusihlwa, noma phakathi kobusuku, noma ekukhaleni kwezinkukhu, noma ekuseni;
Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo.
Futhi uma ifika ngomlindo wesibili, noma ifika ngomlindo wesithathu, izifica zinjalo, zibusisiwe lezozinceku.
Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini;
Esandleni sayo yayiphethe incwadi encane evuliwe, yabeka unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolunye unyawo lwayo lwesobunxele emhlabeni.
Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlaba yasiphakamisela isandla sayo ezulwini.
Izwi engalizwa ezulwini labuye lakhuluma kimi, lathi: “Hamba uthathe incwadi encane evuliwe esandleni sengelosi emi phezu kolwandle nasemhlabeni.