Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
Mathewu 13:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.” IsiZulu 2020 “Nikuqondile yini konke lokhu na?” Bathi kuye: “Yebo.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. |
Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.
zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.
Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, futhi kulahlelwa ogwini na?
Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na?
Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)
Kepha akakhulumanga kubo ngaphandle komfanekiso; kepha sebebodwa wabachazela abafundi bakhe zonke izinto.
Wathi kubo: Kanjalo nani aniqondi na? Anazi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu akunakumngcolisa;
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.