Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.
Mathewu 12:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?” IsiZulu 2020 Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na? |
Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.
Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide!
Kuthe idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma, izixuku zamangala zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.
Wozani, libone umuntu, ongitshele konke engakwenzayo; lo kayisuye uKristu yini?