Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Mathewu 10:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. IsiZulu 2020 Izitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. |
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo wakwaBenjamini angakwenza manje? makame, aqalekise; ngokuba uJehova wamyala.
Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.
Ngiyakumisa abaseGibithe ngokumelene nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; umuzi uvukele umuzi, nombuso uvukele umbuso.
Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.
Ngokuba ngizwile inhlamba yabaningi, ukwesaba nxazonke. Basho, babike, futhi sizobika. Bonke ababengazana nami babheka ukuthi ngime bathi: Mhlawumbe uzolingwa, futhi sizomnqoba futhi siziphindisele kuye.
Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami.
U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma namadoda; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Uzeleni lapha na? Uzishiye nobani lezo zimvu ezimbalwa ehlane? Mina ngiyakwazi ukuzikhukhumeza kwakho lenkani yenhliziyo yakho; ngoba nehlele ukubona impi.