Mathewu 10:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. IsiZulu 2020 Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu. Baasraak Zulu New Testament Bible Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. |
Ngakho-ke konke enikukhulume ebumnyameni kuyakuzwakala ekukhanyeni; nalokho enikukhulume endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi.
Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso.
Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye.
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sisebenzisa ukukhululeka okukhulu kokukhuluma;