U-Asa wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Mathewu 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Asa wazala uJehoshafati; uJehoshafati wazala uJoramu; uJoramu wazala u-Oziya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya; IsiZulu 2020 u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya; Baasraak Zulu New Testament Bible U-Asa wazala uJehoshafati; uJehoshafati wazala uJoramu; uJoramu wazala u-Oziya; |
U-Asa wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.
UJoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.
Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eseyinkosi kwaJuda, uJoramu indodana kaJehoshafati inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide. UJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.