U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni;
Mathewu 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese; IBHAYIBHELI ELINGCWELE uSalimoni wazala uBowasi kuRahabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi; IsiZulu 2020 uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi; Baasraak Zulu New Testament Bible uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese; |
U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni;
owayeyindodana kaJese, indodana ka-Obede, indodana kaBhowazi, indodana kaSalimoni, indodana kaNashoni,
Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula.
Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?
Wayesebuya uNawomi, noRuthe wakwaMowabi, umalokazana wakhe, ababebuyile ezweni lakwaMowabi; bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi.