KwabaseGalathiya 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, IsiZulu 2020 UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo, Baasraak Zulu New Testament Bible UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo; |
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;
Ngasengisithi: Ngizakwenzani, Nkosi? INkosi yasisithi kimi: Sukuma uye eDamaseko; lapho-ke uzatshelwa khona ngakho konke okumiselwe wena ukuthi ukwenze.
Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze.
UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.
UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya.
Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;
Angenyukelanga futhi eJerusalema kubo ababengabaphostoli ngaphambi kwami; kepha ngaya e-Arabiya, ngabuye ngabuyela eDamaseku.
Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,
Kodwa ngesikhathi esifaneleyo ulibonakalisile ilizwi lakhe ngentshumayelo engiphathiswe yona ngokomlayo kaNkulunkulu uMsindisi wethu;
Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.
Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.
Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;