Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.
KwabaseFilipi 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:* IsiZulu 2020 UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni. Baasraak Zulu New Testament Bible UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni; |
Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo;
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;
UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,
kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Kepha uma uThimothewu efika, bhekani ukuba abe kini engesabi, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami.
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya.
Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.
Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:
Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu, nothando kubo bonke abangcwele,
Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)
Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani.
Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.
Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.
Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;
UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.
UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu:
Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.
kuThimothewu, indodana yami uqobo ekukholweni: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu noKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi;
UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu;
Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi;
UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,
Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye.
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.
Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:
UJuda, inceku kaJesu Kristu, nomfowabo kaJakobe, kubo abangcwelisiwe nguNkulunkulu uBaba, nabalondolozwe kuJesu Kristu, nababiziweyo:
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;
Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili;
Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;
Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;