KuThithu 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa. IsiZulu 2020 babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa. |
Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.
Kodwa ngenxa yalesi senzo unikeze izitha zikaJehova isizathu esikhulu sokuhlambalaza, nomntwana omzalelwayo uyakufa nokufa.
O Nkulunkulu, koze kube nini isitha sihlambalaza? isitha sihlambalaza igama lakho kuze kube phakade na?
EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa;
Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.
Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; lenhloko kaKristu nguNkulunkulu.
Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.
Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.
Kufakazelwe kahle ngemisebenzi emihle; uma ondle abantwana, uma engenise izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esize abahluphekayo, uma ekhuthalele wonke umsebenzi omuhle.
Bonke abangaphansi kwejoka mabathi abaninizo bafanele ukutuswa konke, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.
ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,