KuThithu 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu. IsiZulu 2020 KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu. Baasraak Zulu New Testament Bible kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu. |
Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu.
kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Ngacela uThithu, ngathuma kanye laye umzalwane. UTitosi wanizuza na? asihambanga ngamoya munye na? asihambanga ngezinyathelo ezifanayo?
Angibanga nakuphumula emoyeni wami, ngokuba angimfumananga uThithu umzalwane wami;
Thina silomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ngakholwa, ngakho ngakhuluma; nathi siyakholwa, ngakho siyakhuluma;
Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.
Noma ngabe ubani obuza ngoThithu, ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla nenkazimulo kaKristu.
Ngangokuthi sanxusa uThithu, ukuthi, njengalokhu eseqalile, ngokunjalo agcwalise kini lowomusa lowo.
Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,
kuThimothewu, indodana yami ethandekayo: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
Kodwa ngesikhathi esifaneleyo ulibonakalisile ilizwi lakhe ngentshumayelo engiphathiswe yona ngokomlayo kaNkulunkulu uMsindisi wethu;
silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;
USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:
Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.
Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.
ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;
Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa;
Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.