KumaHeberu 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo, IsiZulu 2020 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo; Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo. |
Ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamgcina; kwathi emuzwa, wenza izinto eziningi, wamuzwa ngokuthokoza.
Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.
Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade. Leli yizwi elashunyayelwa kini ngevangeli.
Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.