Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.
KumaHeberu 5:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; IsiZulu 2020 Nakuba eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, Baasraak Zulu New Testament Bible Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; |
Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.
UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.
Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.
Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.
efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe;
Ngoba yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Wena uyiNdodana yami, lamuhla mina ngikuzele? Futhi futhi: Mina ngiyoba uYise kuyo, futhi uyoba yiNdodana kimi?
Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.
Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.