Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kanjalo noKhristu akazinikanga Yena udumo lokuba ngumPhristi Omkhulu, kodwa wadunyiswa yilowo owakhuluma kuye wathi: “Wena uyiNdodana yami; namuhla ngikuzele.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 5:5
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu;


UNkulunkulu usigcwalisile kithina bantwana babo ngokumvusa uJesu; njengoba kulotshiwe futhi ehubweni lesibili ukuthi: Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.


Ngoba yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Wena uyiNdodana yami, lamuhla mina ngikuzele? Futhi futhi: Mina ngiyoba uYise kuyo, futhi uyoba yiNdodana kimi?


Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


ebizwa ngokuthi nguNkulunkulu umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.