KumaHeberu 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku. IsiZulu 2020 Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. |
Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida;
Ngakho-ke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuphumuza kuzo zonke izitha zakho nxazonke, ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulidle, uyakwesula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.
UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.
uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.
Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.
Kwasekusithi emva kwesikhathi eside uJehova esephumuze uIsrayeli kuzo zonke izitha zabo, uJoshuwa waluphala wacindezelwa.