Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.
KumaHeberu 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,” IsiZulu 2020 Phela endaweni ethile ushilo ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke; |
Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.
Lokhu kuyisibonakaliso phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, futhi ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.
Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; ungenzi msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho; ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.
Kodwa omunye wafakaza endaweni ethile esithi: Uyini umuntu ukuthi umkhumbule? Kumbe indodana yomuntu ukuthi uyihambele?
Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe.